Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseKolose 2:18 - Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Makungabikho muntu onikhohlisayo ngomvuzo wenu ngokuthobeka kokuzithandela nangokukhonza izingelosi, engena engakubonanga, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yenyama yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Makungabikho muntu onikhohlisayo ngomvuzo wenu ngokuthobeka kokuzithandela nangokukhonza izingelosi, engena engakubonanga, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yenyama yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseKolose 2:18
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


abaguqule iqiniso likaNkulunkulu libe ngamanga, bakhuleka, bakhonza okudaliweyo kunoMdali obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.


Uthando luyabekezela, lunomusa; uthando alunamhawu; uthando aluzikhukhumezi, aluzikhukhumezi;


Kepha abanye bazikhukhumezile, kungathi angiyikuza kini;


Lezi zinto, bazalwane, ngizifanise nami no-Apholo ngenxa yenu; ukuze nifunde kithi ukuthi ningacabangi abantu ngaphezu kokulotshiweyo, ukuze kungabikho ozikhukhumezayo ngenxa yomunye.


Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi. Ulwazi luyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.


Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze nizuze.


Kodwa ngiyesaba ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu zonakaliswe, zisuke ebuqothweni obukuKristu.


Ngoba ngiyesaba ukuthi, nxa ngifika, kangizalithola linjengengikuthandayo, njalo ngifunyanwe kini nginjengemibango, umhawu, ulaka, ukuxabana, ukuhleba, ukuhlebeza, ukuzikhukhumeza, ukuxokozela:


Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;


Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.


Izinto ezibonakala zihlakaniphile ekukhonzeni intando, lokuzithoba, lokudebeselela umzimba; kungahlonitshwa ngandlela thize kuze eneliseke inyama.


Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisayo ngamazwi ahungayo.


Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.


befisa ukuba ngabafundisi bomthetho; bengaqondi abakushoyo, nalokho abakuqinisayo.


Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;


Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Bheka, ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ