Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 9:26 - Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Ngokuba ngabe ngabe uhluphekile kaningi selokhu kwasekelwa izwe, kepha manje usebonakalisiwe kanye ekupheleni kwezwe ukuba asuse isono ngomhlatshelo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngokuba ngabe ngabe uhluphekile kaningi selokhu kwasekelwa izwe, kepha manje usebonakalisiwe kanye ekupheleni kwezwe ukuba asuse isono ngomhlatshelo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 9:26
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.


Ngakho njengalokhu ukhula luyabuthwa lushiswe emlilweni; kuyakuba njalo ekupheleni kwalelizwe.


Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.


Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.


Kepha ngithi indlalifa iseyingane, kayahlukanga ngalutho encekwini, nakuba iyinkosi yakho konke;


ukuze ekuhleleni kokuphelela kwezikhathi abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, ezisezulwini nezisemhlabeni; nakuye:


nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.


Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe;


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kwaba kanye.


Kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono phakade, wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, awusekho umhlatshelo wezono;


Ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.


Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba.


ongadingi insuku ngensuku njengabapristi abakhulu ukuthi anikele imihlatshelo kuqala ngezakhe izono, andukuba ezezabantu;


kungengegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngelakhe igazi wangena kanye nje endaweni engcwele, esizuzele ukukhululwa okuphakade.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;


Niyazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono zethu; njalo kakulasono kuye.


Owenza isono ungokaSathane; ngoba uSathane uyona kwasekuqaleni. Ngalokho iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ