Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 9:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible

10 ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 9:10
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.


Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?


ukuze ekuhleleni kokuphelela kwezikhathi abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, ezisezulwini nezisemhlabeni; nakuye:


Echithile ubutha enyameni yakhe, umthetho wemiyalo osezimisweni; ukuze enze kuye ngababili umuntu munye omusha, enze ukuthula;


Ngakho makungabikho muntu onahlulelayo ngokudla noma ngokunathwayo noma ngokuphathelene nomkhosi noma ukwethwasa kwenyanga noma amasabatha.


Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo, sinesiqinisekiso esigcwele sokukholwa, izinhliziyo zethu zifafaziwe kunembeza omubi, nemizimba yethu igeziwe ngamanzi acwebileyo.


Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.


Ngokuba akalibekanga kuzo izingelosi izwe elizayo esikhuluma ngalo.


Eyemfundiso yemibhabhadiso, nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo, nokwahlulelwa okuphakade.


Futhi balinambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo.


Ngokuba uma ubupristi buguqulwa, kufanele ukuba nomthetho uguqulwe.


ongenziwanga ngokomthetho womyalo wenyama, kodwa ngokwamandla okuphila okungenasiphelo.


Kepha nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ