Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 11:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 11:16
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose esihlahleni ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: “Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe?


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.


Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso.


Kepha ukuthi abafileyo bayavuswa, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.


Emzini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela. ngiya ukunilungisela indawo.


esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka.


Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.


Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.


Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe.


UNkulunkulu esesimisele okuthile okungcono kakhulu, ukuze bona bangapheleliswa ngaphandle kwethu.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo.


Ngoba kokubili ongcwelisayo lalabo abangcweliswayo bonke bavela oyedwa;


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ