Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 8:31 - Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Yona yathi: “Ngingakuqonda kanjani, uma kungekho ongichasisela khona?” Yayisimnxusa uFiliphu ukuba agibele enqoleni ahlale nayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 8:31
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.


UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na?


Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe;


Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na?


Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi utho, akakazi njengalokhu kufanele ukuba azi.


Kepha ocebileyo ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ