Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsAmbulo 16:21 - Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta* sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsAmbulo 16:21
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nezilonda zabo, futhi abaphendukanga emisebenzini yabo.


Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.


Ingelosi yokuqala yayisibetha, kwavela isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ