Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wandisa isizwe, awukhulisanga intokozo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 9:3
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Uyandisa izizwe, abesezibhubhisa; ukhulisa izizwe, abesezisusa.


Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.


Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu.


Ubeke injabulo enhliziyweni yami edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.


UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhu njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle, ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.


Uyakusho ngalolo suku ukuthi: “Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.


UJehova waphulile udondolo lwababi nentonga yababusi


Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”


Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe, wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe.


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.


“Jabula wena nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” usho uJehova.


Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.


Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.


Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.


bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya, nikhale ngobuhlungu benhliziyo.


Kepha jabulani, nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo, ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema libe ngukwethaba, nabantu balo babe yinjabulo.


“Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Hlabelelani kuJakobe ngokujabula, nimemezele inhloko yezizwe, nizwakalise, nidumise nithi: ‘Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.’


Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.


Ngiyakubahlabela ikhwelo, ngibabuthe, ngokuba ngibahlengile; bayakwanda njengalokho kade banda.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Kepha nxa onamandla kunaso esisukela, asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.


kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!


enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,


“Yizwani nina makhosi; bekani indlebe nina zikhulu; mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova, ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati.


OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.


Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ