Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ubothi kuye: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, ungadangali enhliziyweni yakho ngenxa yalezi ziphunzi zezikhuni ezimbili ezithunqayo, nangokuvutha kolaka lukaRezini ne-Aramu, nolwendodana kaRemaliya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wathi kuye: “Nakekela, uthule; ningesabi, ningadangali ngenxa yemisila yomibili yale mililo ethunqayo, ngenxa yolaka lukaResini phezu kwe-Aramu nendodana kaRemaliya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 7:4
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.’ ”


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “We bantu bami, enakhe eSiyoni, ningalesabi i-Asiriya, lapho likushaya ngentonga yalo, liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.


IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho; ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.


Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”


u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.


Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku, nenhloko yeDamaseku inguResini; phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.


Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.’ ”


Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”


“Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,


Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.


UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.


‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,


UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaqedwa nhliziyo yamuntu ngalowo; inceku yakho iyakuhamba ilwe nalowo mFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ