Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwabikelwa indlu kaDavide, kwathiwa: “I-Aramu ihlangene no-Efrayimi.” Inhliziyo yakhe yanyakaziswa, nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yehlathi inyakaziswa ngumoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 7:2
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”


kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli


Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yana ematendeni akho, Israyeli, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe.


Walibiza i-altare ngezwi likaJehova, wathi: “Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide, nguJosiya igama lakhe; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”


U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa-Efrayimi ukuba iye ekhaya; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda, babuyela ekhaya bevutha ulaka.


Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJehizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini,


Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka, nabacindezela uJuda bayakunqunywa; u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda, noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.


Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.


Abakhe kuyo babe namandla amancane, besaba, bajabha; baba njengotshani basendle, nembali notshani obuluhlaza, nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu, namabele ahamukile engakakhuli.


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”


Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo, yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki* okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?


UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda – yinkosi yase-Asiriya.”


Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:


“Ningasho ukuthi kuluzungu konke abakushoyo laba bantu ukuthi kuluzungu, ningesabi abakwesabayo, nibe novalo ngakho.


Bonke abantu bayakwazi, u-Efrayimi nabakhe eSamariya, abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:


O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Yenzani izahlulelo ekuseni, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.


UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ