Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 66:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo, nasekukhulumeni kwami abezwanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngalokho ngiyakubakhethela isijeziso esibafanele, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ngabamemeza, kodwa akwasabela muntu; ngakhuluma, kodwa abalalelanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi ngiyokhetha iziphambeko zabo ngehlisele phezu kwabo usizi lwabo; ngokuba lapho ngibiza, akwaphendula muntu; lapho ngikhuluma, abalalelanga, kodwa benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokho engingathokozi ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 66:4
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.


Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.


Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;


Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.


Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.


Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango; uJehova wakubona lokho, kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.


ngiyakuninqumela inkemba, nikhothamele nonke ukuhlatshwa, ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga, nalapho ngakhuluma, anizwanga, kepha nenza okubi emehlweni ami, nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


Ngizelulile izandla zami usuku lonke kubantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engenhle nangokwemicabango yabo,


abantu abangithukuthelisa ebusweni bami njalo, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini,


ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye,” usho uJehova, “abashisa impepho ezintabeni, bangihlambalaza emagqumeni; ngiyakulinganisa kuqala umvuzo wabo ezifubeni zabo.”


“Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”


Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,


“ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.


Niyesabile inkemba; ngiyakunehlisela inkemba, isho iNkosi uJehova.


Qha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe,


Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo.


Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.


Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ