Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 66:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu, kepha enikela nangegazi lezingulube, noshisa inhlaka, ebonga nesithombe, yebo, laba bakhethile izindlela zabo, nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ohlaba inkomo unjengobulala umuntu; onikela ngewundlu unjengonquma intamo yenja; onikela ngomnikelo wempuphu unjengonikela ngegazi lezingulube; onyusa impepho njengobusisa isithombe. Yebo, bazikhethele izindlela zabo, futhi umphefumulo wabo ujabulela izinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 66:3
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.


Akakho okhumbulayo, nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe: “Ngishisile inxenye yawo ngomlilo, ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo, ngosile inyama, ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso, ngikhothamele umbhuku womuthi,” na?


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.


ngiyakuninqumela inkemba, nikhothamele nonke ukuhlatshwa, ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga, nalapho ngakhuluma, anizwanga, kepha nenza okubi emehlweni ami, nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


Ngizelulile izandla zami usuku lonke kubantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engenhle nangokwemicabango yabo,


“Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye,” usho uJehova.


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Wayesethatha uHagayi, wathi: “ ‘Banjalo laba bantu, sinjalo lesi sizwe ngaphambi kwami,’ usho uJehova; ‘injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.


nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.


Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.


Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ