Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 57:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Udlala nobani? Uvulela bani umlomo wakho, ukhiphele ulimi lwakho? anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 57:4
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Zingikhamisele umlomo wazo njengengonyama edwengulayo nebhodlayo.


Ngingabala onke amathambo ami; bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.


Bonke abangibonayo bayangiklolodela, baphukule imilomo, banikine amakhanda,


Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi: “Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.


Usabavimbela abantu bami, ungabavumeli ukuba bahambe, na?


Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.


Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na? Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo, njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo, nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?


“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.


Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.


nina enisha phakathi kwama-oki* phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?


Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.


Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’


“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?


Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?”


insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;


aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


“Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”


Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”


Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


bonke abantu babuyela ekamu* kuJoshuwa eMakheda ngokuthula, akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.


bamukele umvuzo wokungalungi. Labo bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo, bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ