Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 57:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 angene ekuthuleni. Abahambe ngobuqotho bayophumula emibhedeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uyakungena ngokuthula; bayophumula emibhedeni yabo, kube yilowo nalowo ehamba ngobuqotho bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 57:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.


Lapho amashinga ayekile ukudlova; lapho baphumule abaphelile amandla.


Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo.


Indlela yabalungileyo iqondile, umkhondo wabaqotho ulungile, uyawenza ukuba ulingane.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’


Phakathi kwabagwaziweyo balibekele umbhede kanye naso sonke isixuku salo, amathuna aso engakulo nxazonke, bonke balo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba kwabangwa ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini; yebo, libekiwe phakathi kwababuleweyo.


“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.”


“Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


“Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa.


“Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho,


Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.


Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ