Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 USimakade Wamabandla wathi ezindlebeni zami: “Impela iningi lezindlu liyokuba yincithakalo, izindlu ezinkulu nezinhle kungabi namuntu ohlala kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Yebo, izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, ezinkulu, zizinhle, zingabi namuntu ohlala kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 5:9
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


Wahlala emizini ebiyakuchithwa, nasezindlini ebezingahlalwa, ezaziyakuba ngamanxiwa nje.


Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.


Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila.


Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize, nekhaya limukelwe, lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona, libuthise khona, lidle, liqede amahlamvu awo.


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.


Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ