Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 41:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emagumbini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami,’ ngikukhethile, angikulahlanga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 wena engikuthathe emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emajukujukwini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami, ngikukhethile, angikulahlanga.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wena engikususile emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza phakathi kwezikhulu zawo, ngathi kuwe: Uyinceku yami; Ngakukhetha angizange ngikulahle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 41:9
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.


Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.


“Ngubani ovusile ukulunga kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, amenze ukuba abuse amakhosi, abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi aphephezeliswayo ngomnsalo wakhe, na?


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


“Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami, wena Israyeli engikukhethileyo.


Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.


“Nginithandile,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na?” usho uJehova. “Ngamthanda uJakobe,


Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.


Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ