Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 40:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Zonke izigodi ziyophakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, nazo zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; izindawo ezimangelengele ziyakwenziwa ziqonde, izindawo ezimangelengele zilingane;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 40:4
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

abazindlela zabo ziyisigwegwe, nemikhondo yabo iphambene,


Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu.


Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”


Ihlane nemizi yalo makujabule nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari, bahube abakhile emadwaleni, benanele beseziqongweni zezintaba.


Mina ngiyakuhamba phambi kwakho, ngihlelembe amagebhugebhu, ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi.


Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela, imendo yami iphakame.


Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.*


Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina Jehova ngiwisile umuthi omude, ngiphakamisile umuthi omfushane; ngomisile umuthi oluhlaza, ngihlumisile umuthi owomileyo. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile, ngakwenza.’ ”


isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.


“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”


“Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile;


Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ