Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 40:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwi lomemeza ehlane, lithi: Lungisani indlela kaJehova, niqondise ehlane umgwaqo kaNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 40:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hlabelelani kuNkulunkulu, nidumise igama lakhe; menzeleni umendo lowo odabula amahlane; igama lakhe linguJehova; yethabani phambi kwakhe,


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.


Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.


Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.


Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela, imendo yami iphakame.


Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, nilungise indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


Wathi: “Ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ ” njengalokho washo u-Isaya umprofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ