Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kuyakuthi yena oshiyiwe eSiyoni naye osele eJerusalema, bathiwe bangcwele, bonke abalotshelwe ukuphila eJerusalema,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kuyothi labo abasele eSiyoni, nalabo abasele eJerusalema bayobizwa ngokuthi bangcwele, wonke umuntu olotshwe phakathi kwabaphilayo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 4:3
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthi lo wazalelwa khona. Sela*


ISiyoni liyakuhlengwa ngokwahlulela nabaphendukayo kulo ngokulunga.


Ngalolo suku uJehova Sebawoti uyakuba ngumqhele wobukhosi, nesicoco esihle kuyo insali yabantu bakhe,


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.


“Ngilalele wena ndlu kaJakobe, yonke insali yendlu yakwa-Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo, yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki* okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.


Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.


Isandla sami siyakumelana nabaprofethi ababona okuyize nababhula amanga; abayikuba semkhandlwini wabantu bami, bangalotshwa encwadini yendlu yakwa-Israyeli, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


“Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.


Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele; iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula.


Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.


Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.


Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.


Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.”


Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa;


njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;


Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ