Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 32:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka; izindlebe zabezwayo ziyakulalela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Amehlo alabo ababonayo awayukuvaleka, nezindlebe zalabo abezwayo ziyokuzwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Amehlo alabo ababonayo ngeke afiphazwe, nezindlebe zabezwayo ziyolalela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 32:3
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumputhe ayakubona, engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.


Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde, nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”


Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.


Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.


Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.


abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.


Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”


ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ