Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 26:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Vulani amasango ukuze isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Vulani amasango, ukuze kungene isizwe esilungileyo esigcina iqiniso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 26:2
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Amasango akho ayakuvuleka njalo, awayikuvalwa imini nobusuku, ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.


Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.*


Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.


Uyakumiswa ngokulunga; uyakuba kude nokucindezelwa, ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.


ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.


nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”


Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo;


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakufika izizwe nabakhe emizini eminingi,


Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.


Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.


Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.


Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.


Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.


KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho, kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula, ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ