Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 24:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umhlaba uyakuba yize leze, uphangwe nokuphangwa, ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Umhlaba uyokuba yincithakalo, uphangwe impela, ngokuba uSimakade ulishilo leli lizwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwe liyakuchithwa ngokuphelele, libhujiswe, ngokuba uJehova ukhulumile leli zwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 24:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.


“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.


Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.


Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi, nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo, nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo, nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi, nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo, nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.


Umhlaba uyalila, ubune; izwe liyaphela amandla, linyamalale, abaphakemeyo bomhlaba badangale.


Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Zwanini, nibeke indlebe; ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.


ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,


Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.


nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;


uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ