U-Isaya 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE2 Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20202 Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20242 Ekupheleni kwezinsuku intaba yendlu kaJehova iyakuma iqine esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma; izizwe zonke ziyakubuthanela khona. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.
Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.