Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 17:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Kuyakuthi ngalolo suku udumo luka Jakobe lube buthakathaka, kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “Ngalolo lusuku udumo lukaJakobe luyodanjiswa, kuphele ukukhuluphala emzimbeni wakhe, azace.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kuyakuthi ngalolo suku inkazimulo kaJakobe ibe ncane, amanoni enyama yakhe abe ncane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 17:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo, zibukeka kabi, zondile; zema kwezinye izithole ogwini lomfula.


Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.


Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.


Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe, nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa njengokushisa komlilo.


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.


Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu, njengokushaywa kweminqumo nanjengokukhothoza, lapho sekuvuniwe.


Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kepha mina ngithi: “Ngifile, ngifile! Maye kimi!” Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.


uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


INkosi ithume izwi kuJakobe, lehlela kwa-Israyeli.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kuzo, ithi: Bhekani, mina ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondileyo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe, kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa, abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”


UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ