Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 11:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uSimakade; akayukwehlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma anqume ngakuzwe ngosizwile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 uyakumenza abe nomqondo osheshayo ekumesabeni uJehova; futhi ngeke ahlulele ngokubona kwamehlo akhe, noma ukusola ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 11:3
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Inkosi yayisithi kowesifazane: “Yiya endlini yakho; mina ngiyakuyaleza ngawe.”


U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.


Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?”


Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?


Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi, njengokuba ulwanga luzwa ukudla.


khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.


Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.


Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.


Kuyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami zingasacindezeli abantu bami, kepha zinike indlu yakwa-Israyeli njengezizwe zayo.


Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi, anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude; ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba, imikhonto yazo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafuna ukulwa.


UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.


nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.


Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.


Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ