Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 10:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Niyakwenzani ngosuku lokuhanjelwa nasekubhujisweni okuvela kude na? niyakubalekela kubani nifuna usizo na? futhi uyoyishiyaphi inkazimulo yakho?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 10:3
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”


Bawalandela baze bafika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile ekubalekeni kwawo. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi.


ngiyakwenze njani, lapho uNkulunkulu evuka, nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.


Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.


“Kuyakuthi ngalolo suku udumo luka Jakobe lube buthakathaka, kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.


Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku: ‘Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe, sophulwe enkosini yase-Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?’ ”


Abafileyo ababuyi baphile, izithunzi azibuyi zivuke; ngalokho wabahambela, wabachitha, wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


Ngokuba umbhede uyakuba mfushane kunokuba umuntu enabe kuwo, nengubo ibe ncane kunokuba umuntu azisonge ngayo.


Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.


Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza, abangenansizakalo nanzuzo, kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”


IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho; ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.


Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”


Wayesefika u-Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?” Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.”


Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo, yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.


Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhandela,* asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba; bheka, uyeza masinyane ngejubane.


Ngiyakukulungisela abachithi, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe, bagawule imisedari* yakho ekhethekileyo, bayiphonse emlilweni.


Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na? Noma wembatha okubomvu, noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide, noma ugqaba amehlo akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifuna ukukubulala.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na?


Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;


Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama, kuhlangane naye ibhere,* noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ