Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni, nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, baqhwage izintandane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukuphambukisa abaswelayo esandleni sokunene, lokuthatha ilungelo kwabahluphekayo babantu bami, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, lezintandane ziphangwe!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 10:2
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uma nginqabele abampofu abakufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,


Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala.


“Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe.


Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni,


Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ukwahlulela, niqondise abacindezeli, nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje, bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.


UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.


Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.


abathetha ababi ngenxa yemivuzo, basuse ukulunga kwabalungileyo!


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango; uJehova wakubona lokho, kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.


uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,


nokuchezukisa imfanelo yomuntu phambi kobuso boPhezukonke,


Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.


Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,


Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama, kuhlangane naye ibhere,* noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Ngathi: “Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe, nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ