Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yizwani, mazulu, uzwe, wena mhlaba, ngokuba uJehova ukhulumile, wathi: “Ngondlile ngakhulisa abantwana, kodwa bangihlubukile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 1:2
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise, kahambanga ngendlela kaJehova.


Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,


Ubiza izulu ngaphezulu kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:


“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,


Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.


Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.


Ngokuba wena unguBaba; ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.


Ngizelulile izandla zami usuku lonke kubantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engenhle nangokwemicabango yabo,


Zwanini, nibeke indlebe; ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.


“Buyani nina bantwana abahlehlayo, ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.” “Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.


Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Beka ikhanzi, libeke, uthele amanzi kulo,


ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,


Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.


Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


“Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.” Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


“Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,


“Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ