Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba siyizigqila; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu, simise indlu kaNkulunkulu wethu, sivuse incithakalo yayo, asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba sasiyizigqili; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqilini bethu, kepha wasenzela umusa emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ukuvuselela, sakhe indlu kaNkulunkulu wethu, silungise amanxiwa ayo, sinikeze ugange kwaJuda, eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:9
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;


u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu ngomnyaka wesikhombisa wenkosi.


“Manje siyakuthini, Nkulunkulu wethu, emva kwalokhu na? Ngokuba sishiyile imiyalo yakho


Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”


benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.


Makungabikho omenzela umusa, futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.


Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,


wasimba, wakhipha amatshe aso, wasitshala ngomvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.


Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.


“Thana ngabo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ