Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni, nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Kusukela emihleni yokhokho bethu kuze kube namuhla, sithe shi ezonweni, ngenxa yezono zethu, namakhosi ethu, nabaphristi, sinikelwe emakhosini ezinye izizwe, enkembeni, ekuthunjweni, ekuphangweni nasehlazweni elikhulu, njengoba kunje manje.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kusukela ezinsukwini zawobaba sisonile kakhulu kuze kube namuhla; futhi ngenxa yeziphambeko zethu, thina, amakhosi ethu nabapristi bethu, sanikelwa esandleni samakhosi amazwe enkembeni, ekuthunjweni nasekuphangweni nasekujabheni ubuso, njengoba kunjalo namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:7
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: ‘Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;’


Ngokuba oyihlo baphambukile, benza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wethu, bamshiya, baphendula ubuso babo endlini kaJehova, bamfulathela.


Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.


‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda,


“Ngasemva kwakho konke okufike phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikhulu, nangokuba wena Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu, wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi,


Nokho iminyaka eminingi wababekezelela, wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.


Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.


iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.


ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Nikhohliwe yini ububi bukayihlo, nobubi bamakhosi akwaJuda, nobubi bamakhosikazi awo, nobubi benu, nobubi bawomkenu ababebenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, na?


Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.


Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.


Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba.


“Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.


kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ