Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa, ngasukuma ekuzileni, izingubo zami nesembatho sami kuklebhukile, ngaguqa ngaphakamisela izandla zami kuSimakade uNkulunkulu wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi ngasukuma ngokumelene nomhlatshelo wakusihlwa ekucindezelekeni kwami; ngasengiklebhula ingubo yami nejazi lami, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:5
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.


ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womela wena njengomhlaba owomileyo. Sela*


Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.


Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.


UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.


Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ