Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Kwase kubuthana bonke labo abathuthumela uma bezwa okwakushiwo nguNkulunkulu ka-Israyeli, ngenxa yokungethembi kwababebuye ekuthunjweni, bahlala nami kwaze kwaba yisikhathi somnikelo wakusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Base bebuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko somhambi; ngahlala ngimangele kwaze kwaba ngumnikelo wakusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.


Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.


Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.


Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.


Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa, wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova. “Kepha yilowo engiyakubheka kuye: ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.


Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: ‘Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu,’ kepha bona bayakujabha.


UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”


Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.


UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ