Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho ngizwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:3
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.


Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umlobi, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.


Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.


Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.


Umoya wami uphelile kimi; inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


Azesabanga, aziklebhulanga izingubo zazo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari, lapho babehlala khona; ngahlala khona phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


“ ‘Abayikuzigega amakhanda abo, bangasiphuculi isilevu emaceleni, bangazigcabi emzimbeni.


Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.


UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ