Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalokho ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, futhi ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo, ningafuni ukuthula kwabo nenhlalakahle yabo kuze kube phakade, ukuze nibe namandla, nidle okuhle kwezwe, nilishiye libe yifa labantwana benu kuze kube phakade.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke amadodakazi enu ningawaganiseli amadodana azo, namadodana enu ningawathatheli abafazi kumadodakazi azo, ningalokothi nifune ukuthula kwazo nempumelelo yazo, ukuze nibe namandla, futhi nidle okuhle kwezwe, nilishiyele abantwana benu libe yifa labo laphakade.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Manje ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningawathatheli amadodana enu amadodakazi abo, ningafuni ukuthula kwawo nemfuyo yawo kuze kube phakade; izingane kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:12
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ibandla likaJehova, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle, nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.


UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.


Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”


Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.


Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Awuyikufuna ukuthula kwabo nenhlanhla yabo zonke izinsuku zakho kuze kube phakade.


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ