Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 oyale ngayo ngezandla zezinceku zakho abaprofethi ngokuthi: ‘Izwe eniya kulo ukulidla liyizwe elingcolileyo ngenxa yokungcola kwabantu bezizwe ngezinengiso zabo eziligcwalisile ngokonakalisa kwabo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 owasiyala ngayo ngomlomo wezinceku zakho, abaphrofethi, uthi: ‘Izwe eningena kulo ukulidla lingcoliswe ngukungcola kwabantu bezizwe ngamanyala abo. Baligcwalise ngokungcola kusukela kulo mngcele kuya kuloya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Owayala ngezinceku zakho abaprofethi ngokuthi: ‘Izwe eningena kulo ukulidla liyizwe elingcolile nokungcola kwabantu bamazwe nezinengiso zabo, eligcwaliswe komunye umkhawulo komunye. Ngokungcola kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Abantwana bakwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni, nabo bonke ababezahlukanisele kubo nokungcola kwabezizwe balelo zwe ukuba bafune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli badla;


Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.


“Manje siyakuthini, Nkulunkulu wethu, emva kwalokhu na? Ngokuba sishiyile imiyalo yakho


niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engibathumile kini, ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga,


Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.


Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.


Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ