Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi lezo zinto sezenzekile, izikhulu zeza kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bamazwe ngokwenza izinengiso zabo kumaKhanani namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, namaMowabi, namaGibhithe, nama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:1
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”


Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama-Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi,


Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Abantu bonke abaseleyo kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abakwa-Israyeli,


UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.


ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.


Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.


UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.”


Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,


Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.


kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.


Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.


Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.


Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?”


Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.


Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.


Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.


“UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.


Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.


Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.


“Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe.


Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova.


“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


“Ngokuba uma nibuyela emuva, ninamathele ensalini yalezo zizwe, zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ