Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 8:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu basilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka-Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngenxa yokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wethu sasinathi, basithumelela uMahili, indoda enengqondo, wozalo lukaLevi ka-Israyeli noSherebhiya namadodana akhe nabafowabo abali-18;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esiphezu kwethu basilethela indoda ehlakaniphileyo emadodaneni kaMagi, indodana kaLevi, indodana ka-Israyeli; noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 8:18
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.


Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:


U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa;


UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.


wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi, nabeluleki bayo, naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe. Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku-Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.


u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe,


Ngase ngithuma ngibiza o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo.


noHashabiya enoJeshaya wamadodana kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili,


Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.”


Ngase ngahlukanisa ezikhulwini zabapristi abayishumi nambili: oSherebiya, noHashabiya, nabafowabo abayishumi kanye nabo,


Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.


kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.


NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo.


Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.


Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.


ngininike abelusi ngokwenhliziyo yami, abayakunalusa ngokwazi nangokuhlakanipha.


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


Namadodana kaMerari ngemindeni yawo: oMaheli noMushi. Leyo iyimindeni yamaLevi ngezindlu zawoyise.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ