Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 “Mina Arithashashitha, inkosi, ngiyala bonke abagcinimafa abasesifundanzweni entshonalanga yeYufrathe ukuba noma yini ayoyifuna kini u-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wasezulwini, yenziwe ngokucophelela okukhulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Futhi nami, nkosi u-Aritahishashita, ngiyaleza bonke abaphathi-zimali abangaphesheya komfula ukuthi konke u-Ezra umpristi, isazi somthetho kaNkulunkulu wezulu, ayakukubuza kini, makwenziwe masinyane;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:21
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.”*


Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.


“Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula,* nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama-Afarisaki abangaphesheya koMfula, manibe kude nalapho;


Emva kwalokho esabusa u-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya, u-Ezra kaSeraya ka-Azariya kaHilikiya,


kuze kube ngamatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayikhulu kakolweni, namabhati* ayikhulu ewayini, namabhati ayikhulu amafutha, nosawoti ongabaliwe.


u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula;* basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.


Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,


wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.


“Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ