Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 “Ngishaya umthetho othi: noma yimuphi umuntu wakwa-Israyeli, noma abaphristi bakhona, noma abaLevi abasembusweni wami abathanda ukuya eJerusalema, bangahamba nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngikhipha umyalo wokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli nabapristi babo namaLevi embusweni wami, abayothanda ukukhuphukela eJerusalema ngokuzithandela kwabo, kumelwe bahambe nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:13
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Benza isinqumo sokuhambisa izwi ku-Israyeli wonke kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani ukuba bafike, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika eJerusalema, ngokuba babengalenzanga ebandleni njengokulotshiweyo.


Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.


“ ‘Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu.


Khona uDariyu wakhipha isimemezelo, kwacingwa endlini yezincwadi, lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele.


Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.


Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo; umthetho washaywa eShushani; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.


Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa.


“Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ