Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi: Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema, indlu mayakhiwe endaweni lapho benikelela khona ngemihlatshelo, zibekwe izisekelo zayo, ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 “Ngonyaka wokuqala wokubusa kwenkosi uKhoresi, yashaya umthetho othi: maqondana nendlu kaNkulunkulu eseJerusalema mayakhiwe kabusha, indawo lapho imihlatshelo yayinikelelwa khona neminikelo yokushiswa eyayilethwa khona, ubude bayo kumele bube ngamakhubhithi angama-60, nobubanzi bayo bube ngamakhubhithi angama-60.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngomnyaka wokuqala wenkosi uKoresi, inkosi uKoresi yakhipha umyalo ngendlu kaNkulunkulu eJerusalema, yathi: “Makwakhiwe indlu, indawo lapho bekuhlatshelwa khona imihlatshelo, zimiswe izisekelo zayo, ziqine; ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bawo buyizingalo ezingamashumi ayisithupha;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 6:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


Kodwa ngubani onamandla okumakhela indlu, lokhu izulu nezulu lamazulu lingemanele na? Pho, mina ngingubani ukuba ngimakhele indlu, ukuze kushiswe impepho phambi kwakhe na?


Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba kufezeke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:


Ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba kufezeke izwi likaJehova, ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:


“Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.


Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.


Amalunga abaJuda ayesakha, aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka-Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya.


lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaJehova, ngokomthetho ka-Israyeli ukuba idumise igama likaJehova.


Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ