Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Emveni kwalokho uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, baqala ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu eJerusalema, besizwa ngabaphrofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Khona-ke uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa indodana kaJehoshadaki basukuma baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema, kanye nabaprofethi bakaNkulunkulu ababebasiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:2
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

yebo, zona uKoresi inkosi yasePheresiya wazikhipha ngesandla sikaMithiredati umphathisikhwama, wazibalela kuSheshebasari isikhulu sakwaJuda.


Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.


Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.


Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele, indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi, namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.


Amalunga abaJuda ayesakha, aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka-Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya.


‘Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu, kusukela kulolu suku nangaphambili, kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova, yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu.


Yayisithi: “Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.”


Ngathatha ngasho kuyo ingelosi eyayikhuluma nami, ngathi: “Ziyini lezi, nkosi?”


Lapho wamukele isiliva negolide, yenza umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.


kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ