Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha ethempelini laseBabele, zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Yazibuyisela eJerusalema zonke izitsha zegolide nesiliva zasendlini kaNkulunkulu ezazithathwe nguNebukhadinezari ethempelini eJerusalema, wayozibeka ethempelini eBhabhele. UKhoresi wazikhipha lezo zitsha wazinika indoda egama layo linguSheshibhazari, wayeseyibeka ukuba ngumbusi kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema nasethempelini laseBhabhiloni, uKoresi inkosi wazithatha ethempelini laseBhabhiloni, zanikezwa ogama lakhe lalinguyise. USheshebazari, owamenza umbusi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:14
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke lokho wakuyisa eBabele.


UNebukadinesari wayisa ezinye izitsha zendlu kaJehova eBabele, wazibeka ethempelini lakhe eBabele.


wathi kuye: “Thatha lezi zitsha, uye uzibeke ethempelini eliseJerusalema, indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo.”


Wayesefika lowo Sheshebasari, wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo, kayikapheli.’


futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu, uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele, mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema, kube yileso naleso endaweni yaso, zibekwe endlini kaNkulunkulu.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.


Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:


UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo,


“Ake ukhulume kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi:


“Yisho kuZerubabele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngiyakuzamazamisa amazulu nomhlaba,


Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ