Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Babuyisela impendulo kithi, bathi: ‘Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 “Nansi impendulo eziphendula ngayo: ‘Siyizikhonzi zikaNkulunkulu wasezulwini nasemhlabeni, sakha kabusha indlu eyayakhiwe eminyakeni eminingi eyedlule, inkosi yakwa-Israyeli enamandla eyayiyakhe yayiqeda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Base besiphendula bathi: “Siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu eyakhiwa eminyakeni eminingi edlule, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yayakha.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,


Ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga kaBuli eyinyanga yesishiyagalombili indlu yaqedwa kukho konke okwayo ngayo yonke imithetho yayo. Wayelokhu akha iminyaka eyisikhombisa.


Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,


Sabuza namagama abo ukuba sikwazise, sibhale amagama abantu ababe yizinhloko zabo.


Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo.


Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


“Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini;


“Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;


Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,


Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.


Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?


Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ