Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abaprofethi, uHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido, baprofetha kubaJuda ababekwaJuda naseJerusalema ngegama likaNkulunkulu ka-Israyeli owayephezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Abaphrofethi, uHagayi noZakhariya, indodana ka-Ido, baphrofetha kubaJuda ababehlala kwaJuda naseJerusalema egameni likaNkulunkulu ka-Israyeli owayebabusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abaprofethi, uHagayi umprofethi, noZakariya, indodana ka-Ido, baprofetha ngenxa yabaJuda ababekwaJuda naseJerusalema egameni likaNkulunkulu ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:1
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.


Amalunga abaJuda ayesakha, aba nempumelelo ngokuprofetha kukaHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido. Akha, aqeda njengokwesiyalezo sikaNkulunkulu ka-Israyeli, nanjengokwesiyalezo sikaKoresi, noDariyu, no-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya.


Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhulu kuze kube semajukujukwini omhlaba.


Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:


Kwase kufika izwi likaJehova ngoHagayi umprofethi, lathi:


‘Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu, kusukela kulolu suku nangaphambili, kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova, yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ