Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, nabanye abangane babo, amaDinayi, nama-Afarisathiki, namaTharipheli, nama-Afarisi, nama-Arikhevi, nabaseBabele, namaShushaniki, namaDehavi, nama-Elamu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 URehumi umbusi, umShimshayi unobhala, nabanye, nabo bonke abangani babo, abehluleli nazo zonke izikhulu ezidabuka e-Erekhi, eBhabhele naseShushani ezweni lama-Elamu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Base bebhala uRehume umbusi, noShimishayi, umbhali, nabanye abangane babo; namaDina, nama-Afarzati, namaTarpeli, nama-Afarsite, nama-Arigi, nama-Babele, namaShushani, namaDehavi, nama-Elamu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 4:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no-Aramu.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBabele, naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa-Israyeli; badla iSamariya, bahlala emizini yalo.


URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, babhala incwadi enje ku-Aritahishashita inkosi ngeJerusalema ngokuthi:


Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula,* noShethati Bozenayi, nabangane babo, basho kanje kubo, bathi: “Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?”


Nansi impinda yencwadi uThathenayi, umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane bakhe ama-Afarisaki ayengaphesheya koMfula* abayithuma kuDariyu inkosi;


“Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula,* nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama-Afarisaki abangaphesheya koMfula, manibe kude nalapho;


Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”


yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u-Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,


inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.


Ngitshelwe umbono olukhuni: umphangi uyaphanga, umchithi uyachitha. Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.


nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,


Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:


“Lapho kukhona i-Elamu nesixuku sonke salo nxazonke zethuna, bebulewe bonke bewe ngenkemba, abehlele ezindaweni eziphansi komhlaba bengasokile, ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini.


Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.


AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ