Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “Sifuna ukuyazisa inkosi ukuthi abaJuda abavela ezindaweni zakho sebefike eJerusalema bawakha kabusha umuzi ohlubukayo nomubi. Sebeqedile ukwakha kabusha izingange, nokuvuselela izisekelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Makwazeke enkosini ukuthi amaJuda akhuphukele kithi evela kuwe efika eJerusalema ukwakha umuzi ohlubukayo nomubi, akha izingange zawo, ahlanganisa izisekelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 4:12
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wena uyakhuluma, kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile, na?


Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka.


Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Nansi impinda yencwadi abayithuma ku-Aritahishashita inkosi yokuthi: “Izinceku zakho, abantu abaphesheya koMfula,* nokuthi nokuthi.


ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa.


Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowo muzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe phakathi kwawo.


Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula,* noShethati Bozenayi, nabangane babo, basho kanje kubo, bathi: “Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?”


“Sase sibuza kulawo malunga, sasho kuwo kanje, sathi: ‘Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?’


Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.”


Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.


UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.


Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.


Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.


“Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ