Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele, indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi, namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ngenyanga yesibili, ngonyaka wesibili bebuyele endlini kaNkulunkulu eJerusalema, uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, nabo bonke abafowabo nabaphristi nabaLevi nabo bonke ababeseJerusalema bebuya ekuthunjweni, bawuqala umsebenzi. Baqoka abaLevi, ababeneminyaka engaphezu kwama-25 ukuba bengamele izisebenzi ezazisebenza endlini kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema, ngenyanga yesibili, uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa, indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo, abapristi namaLevi, futhi zonke ziqala. Abaphuma ekuthunjweni baya eJerusalema; wamisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ukuba amele umsebenzi wendlu kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:8
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli;


Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe,


Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.


bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:


Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.


Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.


Kepha oZerubabele noJeshuwa nensali yezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli bathi kuzo: “Aninandaba nathi yokwakhela uNkulunkulu wethu indlu, kepha thina sodwa siyakumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli njengokusiyala kwenkosi uKoresi, inkosi yasePheresiya.”


Wayesefika lowo Sheshebasari, wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo, kayikapheli.’


Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.


Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:


“Izandla zikaZerubabele zibeke isisekelo sale ndlu, futhi izandla zakhe ziyakuyiqeda, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini.


usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ