Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Abantu bakhokhela ababazi bamatshe, nababazi bokhuni, nabakhi imali; banika amaSidoni nabaseThire ukudla, okuphuzwayo namafutha ukuze balande imisedari eLebhanoni, bayilethe olwandle eJopha, ngokwemvume kaKhoresi, inkosi yasePheresiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Banika abakhi nababazi imali; nokudla nokuphuza namafutha kwabaseSidoni nabaseTire ukuba balethe imisedari eLebanoni, bayiyise olwandle lwaseJopha, njengesipho esivela kuKoresi inkosi yasePheresiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:7
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.


“Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari* eLebanoni, izinceku zami zibe nezakho; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.”


Kwathi lapho bebona ukuthi ikhona imali eningi emphongolweni, umbhali wenkosi nompristi omkhulu benyuka, bayibopha, bayibala imali eyafunyanwa endlini kaJehova.


Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva, nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide, nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,


bayinikeza ezandleni zababewenza umsebenzi ababeyiphethe indlu kaJehova; bona bayinika ababesebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukuba bayilungise, bayiqinise indlu;


Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.


“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*


Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.


EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.


Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.”


Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ