U-Ezra 3:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE2 Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20202 UJeshuwa, indodana kaJozadaki, nabanye abaphristi noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, balakha kabusha i-althare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze kunikelwe phezu kwalo iminikelo yokushiswa, njengoba kulotshiwe emthethweni kaMose, umuntu kaNkulunkulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20242 Khona-ke uJeshuwa, indodana kaJosadaki, nabafowabo, abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze banikele phezu kwalo iminikelo yokushiswa njengokulotshiweyo emthethweni uMose umuntu kaNkulunkulu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele, indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi, namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.