Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lokukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu, ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Umsindo wawumkhulu kangangokuthi wawuzwakala ukude, kodwa umuntu wayengekwazi ukwehlukanisa noma ungowokujabula noma ungowokukhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ukuze abantu bahluleke ukwehlukanisa umsindo wenjabulo nokukhala kwabantu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:13
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.


uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.


Abaningi babapristi namaLevi, nezinhloko zawoyise, abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu phambi kwamehlo abo; abaningi bakhamuluka ngentokozo,


Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli,


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.


“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”


Baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBokimi, bahlabela uJehova khona.


Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu,* wonke u-Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ