Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abaningi babapristi namaLevi, nezinhloko zawoyise, abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu phambi kwamehlo abo; abaningi bakhamuluka ngentokozo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Abaningi babaphristi, abaLevi, izinhloko zemindeni nabantu abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu lapho bezibonela ngawabo kubekwa isisekelo saleyo ndlu; abaningi babememeza ngentokozo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa abaningi babapristi namaLevi nezinhloko zezindlu zoyise, amaxhegu abona indlu yokuqala lapho kubekwa isisekelo sale ndlu phambi kwamehlo abo, bakhala ngezwi elikhulu; abaningi bamemeza ngentokozo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:12
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lokukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu, ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.


Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane, nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.


Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.


Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”


“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.


‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?


“Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ